Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 9:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kepha izakhamuzi zaseGibheyoni lapho zizwa ngalokho uJoshuwa ayekwenze kulo iJerikho ne-Ayi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile eJeriko nase-Ayi,

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 9:3
17 Referans Kwoze  

besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune-Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.


Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.


nabo benza ubuqili, bahamba bazenzisa kwangathi bayizithunywa, babeka amasaka agugileyo ezimbongolweni zabo, nezimvaba zewayini ezigugileyo neziklebhukileyo, ebesezithungiwe,


UJoshuwa wababiza, wakhuluma kubo, wathi: “Nisikhohliseleni ngokuthi: ‘Sikude kakhulu nani,’ lokhu nakhile phakathi kwethu, na?


Akwabakho muzi owenza ukuthula nabantwana bakwa-Israyeli ngaphandle kwamaHivi akhileyo eGibeyoni; bayinqoba yonke ngokulwa.


Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo,


Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine, ngenyanga yesihlanu, uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni, wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:


Kwathi lapho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i-Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo, wayenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo nokuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,


UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.


uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.


iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,


U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.


no-Ishmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,


Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye, waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite