Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 9:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UJoshuwa wenza nazo isivumelwano sokuthula, eziqinisekisa ukuthi aziyukufa. Abaholi bebandla lakwa-Israyeli bafunga nabo ukuthi abayukuzibulala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJoshuwa wenza ukuthula nabo, wenza isivumelwano nabo ukubayeka baphile; nezinduna zebandla zafunga kubo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 9:15
10 Referans Kwoze  

Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda;


Akwabakho muzi owenza ukuthula nabantwana bakwa-Israyeli ngaphandle kwamaHivi akhileyo eGibeyoni; bayinqoba yonke ngokulwa.


Awuyikwenza sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.


Kwathi lapho u-Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i-Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo, wayenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo nokuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo,


“Khuphukelani kimi, ningisize sichithe iGibeyoni, ngokuba lenzile ukuthula noJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite