Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UJoshuwa nawo wonke amabutho bagasela e-Ayi. UJoshuwa wakhetha amabutho ayizi-30 000 wawathumela ebusuku,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJoshuwa nabo bonke abantu bempi bazilungiselela ukukhuphukela e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu, wawamukisa ebusuku.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:3
10 Referans Kwoze  

ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


“Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!’


inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangehora engalaziyo,


abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.


uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.”


Wawayala ngokuthi: “Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”


UJoshuwa wayesekhuphuka eGiligali, yena nabo bonke abantu bempi kanye naye, nawo onke amaqhawe anamandla.


Ngalokho vukani ebusuku, wena nabantu abanawe, niqamekele endle;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite