Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 8:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJehova wathi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela-ke umkhonto osesandleni sakhe ngasemzini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 USimakade wathi kuJoshuwa: “Yelulela ngase-Ayi umkhonto osesandleni sakho, ngokuba ngiyakulinikela esandleni sakho.” UJoshuwa welulela ngasemzini umkhonto owawusesandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Yelulela umkhonto osesandleni sakho ngase-Ayi; ngokuba ngiyakuwunikela esandleni sakho. UJoshuwa welulela umkhonto owawusesandleni sakhe ngasedolobheni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 8:18
14 Referans Kwoze  

UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.


ngokuba waselulela isandla sakhe kuNkulunkulu, wazigabisa kuSomandla.


Isambo siyalikhehlezela nomkhonto okhazimulayo, nengcula.


UDavide wayesethi kumFilisti: “Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.


Weza umFilisti, wafika wasondela kuDavide; umuntu ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.


Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe.


niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.


Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”


Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.


Abaqamekeleyo bashesha basuka endaweni yabo, bagijima lapho eselula isandla sakhe, bangena emzini, bawuthatha; bawuthungela ngomlilo masinyane.


Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.


UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite