Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayakukuzwa, basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; uyakwenzela ntoni igama lakho elikhulu na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:9
19 Referans Kwoze  

AbaseGibithe bayakusholoni ukuthi: ‘Wabakhiphela okubi ukuba ababulale ezintabeni, abaqothule ebusweni bomhlaba.’ Phenduka olakeni lwakho oluvuthayo, uguquke kulobu bubi ngakubantu bakho.


Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”


Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”


Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.


funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.”


UMose wathi kuJehova: “Khona abaseGibithe bayakukuzwa, ngokuba wakhuphula laba bantu ngamandla akho phakathi kwabo,


O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na?


UJehova wathi kuJoshuwa: “Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?


Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe.


Njengalo igama lakho, Nkulunkulu, kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba; isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.


Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu, ngenxa yenkazimulo yegama lakho; usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.


Baceba nganhliziyonye, benza isivumelwano ngawe:


Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite