Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Amadoda ase-Ayi abulala amabutho angama-36 empi yakwa-Israyeli, ayixosha eyisusa ngasesangweni yaze yayofika eShebharimi, ababulala emthambekeni. Izinhliziyo zabantu zadikibala, zaphelelwa ngamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Amadoda ase-Ayi abulala kubo abantu kungathi amashumi amathathu nesithupha, ngokuba abaxosha esuka phambi kwesango kwaze kwaba seSebarimi, ababulala ethambekeni; ngalokho izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:5
10 Referans Kwoze  

Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”


Ngalokho izandla zonke ziyadangala, nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.


Ngichithiwe njengamanzi; onke amathambo ami enyele; inhliziyo yami injengengcina, incibilikile phakathi kwezibilini zami.


Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Ama-Amori ayehlala kuleyo ntaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba seHorma.


Mabaphele njengamanzi agobhozayo; nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi iqundekile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite