Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:2
18 Referans Kwoze  

Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.


Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.


Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,


Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aya, naseBethele nasemizaneni yalo,


inkosi yaseJeriko: inye; inkosi yase-Ayi elingaseceleni kweBethele: inye;


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.


Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona, ngokuba bayingcosana nje.”


kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri,


“Hhewula, Heshiboni, ngokuba i-Ayi lichithekile, nikhale, madodakazi aseRaba, nibhince izindwangu zamasaka, nilile, nigijime phakathi kwezintango, ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.


Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani.


liyeza e-Ayati, lidlula eMigroni; lethula impahla yalo eMikimashi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite