Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Suka ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 “Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Vuka, ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ikusasa, ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awukwazi ukuma phambi kwezitha zakho uze ususe. Oqalekisiweyo phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:13
13 Referans Kwoze  

UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.


U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla.


Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu* libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe.


Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe yizigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyikuba necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?


Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite