Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 7:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo, bayafulathela izitha zabo, ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke u-Israyeli akakwazi ukumelana nezitha zakhe; uyakuzifulathela izitha zakhe ngokuba usezenze into efanele ukubhujiswa. Angisezukuba nani ngaphandle kokuba nizishabalalise lezi zinto eziqalekisiwe eziphakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho abantwana bakwa-Israyeli babengenakuma phambi kwezitha zabo, kodwa bafulathela izitha zabo, ngoba babeqalekisiwe; angisayikuba nani ngaphandle kokuthi nibhubhise okuqalekisiweyo phakathi kwenu.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 7:12
21 Referans Kwoze  

Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa.


Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyo ntaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba seHorma.


Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu* libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe.


awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya, unengwe nokunengwa yiso, ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.


Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,


Noma bekhulisa abantwana babo, nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu; yebo, maye kubo, lapho ngimuka kubo!


“Nxa laba bantu, noma umprofethi, noma umpristi, bekubuza bethi: ‘Iyini indaba kaJehova?’ uyakubatshela ukuthi: ‘Yinina eniyindaba,’ nokuthi: ‘Ngiyakunilahla, usho uJehova.’


Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”


Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Kwathi ingelosi kaJehova isikhulumile lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka, bakhala.


UMose wakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli; abantu balila kakhulu.


Wathi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wathi: “Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi, ngizithintithe.” Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.


USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla.


Usihlehlisela emuva esitheni; abasizondayo bayaziphangela.


Akusiwena Nkulunkulu osilahlileyo na? Nkulunkulu, awusaphumi nezimpi zethu.


Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu.


Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba khona phakathi kwenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite