Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Baqalekisa konke okusemzini, isilisa nesifazane, abasha nabadala, nezinkabi, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bachitha bonke ababesemzini ngesiqalekiso, owesilisa nowesifazane, abasha nabadala, nezinkomo, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:21
20 Referans Kwoze  

“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.


Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu, yaliphonsa elwandle, yathi: “Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa.


Wathi kuyo: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe sesikhundleni sabantu bakhe.’ ”


Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.


walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.


UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.


Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sachitha saqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane; asishiyanga muntu;


Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.


uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.”


Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka-Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka.


Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,


Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite