Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 6:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 USimakade wathi kuJoshuwa: “Bheka, ngilinikele kuwe iJerikho, lona kanye nenkosi yalo namaqhawe alo anamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikela esandleni sakho iJeriko nenkosi yalo namaqhawe anamandla;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 6:2
20 Referans Kwoze  

Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho, uze uzichithe.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi naluvalo; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.


Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;


UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?” UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”


Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.


“UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa-Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe.


bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akakho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


“E nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukadinesari uyihlo umbuso, nobukhulu, nodumo, nobukhosi;


IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.


Niyakuhaqa umuzi, onke amadoda empi, niwuzungeze umuzi kanye. Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha.


inkosi yaseJeriko: inye; inkosi yase-Ayi elingaseceleni kweBethele: inye;


UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite