Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 5:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe.” Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngilethulile kini ihlazo leGibhithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 5:9
21 Referans Kwoze  

UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.


athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.


“Mkhiphele ngaphandle kwekamu* lowo othukile; bonke abamuzwa mababeke izandla zabo ekhanda lakhe, inhlangano yonke imkhande ngamatshe.


Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.


Babefeba eGibithe, bafeba ebusheni babo; bapotozwa khona amabele abo, zacindezelwa khona izingono zobuntombi babo.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,


Dlulisa isihlamba engisesabayo, ngokuba izahlulelo zakho zinhle.


Inceku yakho yahlula ingonyama nebhere,* nalowo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, lokhu eyeyisile impi kaNkulunkulu ophilayo.”


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


“Manje yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula* naseGibithe, nimkhonze uJehova.


Kwathi sebeqedile ukusoka abantu bonke, bahlala ezindaweni zabo ekamu,* baze baphola.


Wahamba iminyaka ngeminyaka ezungeza, waya eBethele, naseGiligali, naseMispa; wahlulela u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.


Yayisibuya inkosi, yafika eJordani; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani.


Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”


“Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi nezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo.


naseBeti Giligali, nasemasimini aseGeba, nase-Azimaveti, ngokuba babezakhele imizana nxazonke zeJerusalema.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningadluleli eBeri Sheba, ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa, neBethele liyakuba yize.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite