Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 4:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 nithi kuzo: ‘Amanzi omfula iJordani anqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaSimakade lapho kuwela umphongolo eJordani; lawa matshe ayisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Niyakuthi kubo: Amanzi aseJordani anqamukile phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwayo iJordani, amanzi aseJordani anqamuka, lawa matshe abe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 4:7
11 Referans Kwoze  

“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.


wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”


Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu, kepha enikela nangegazi lezingulube, noshisa inhlaka, ebonga nesithombe, yebo, laba bakhethile izindlela zabo, nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’


Wothabatha imali yokubuyisana kubantwana bakwa-Israyeli, uyimisele inkonzo yetende lokuhlangana, ibe yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova, ukuba kwenzelwe ukubuyisana kwemiphefumulo yenu.”


Kuyakuthi umuntu engiyakumkhetha, intonga yakhe ihlume, ngenze ukuba kuphele ngakimi ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngani.”


Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite