Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 4:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 ukuze bonke abantu emhlabeni bazi ukuthi isandla sikaSimakade sinamandla, nokuba bamesabe uSimakade uNkulunkulu zonke izinsuku.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ukuze zonke izizwe zomhlaba zisazi isandla sikaJehova ukuthi silamandla, ukuze lesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube nininini.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 4:24
24 Referans Kwoze  

Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”


Bayehlelwa luvalo nokwesaba; ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe, baze bawele abantu bakho, Jehova, baze bawele abantu bakho obathengileyo.


U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.


ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.


Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”


Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli,


UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi, ngokuba uNkulunkulu uze ukuba anivivinye, ukumesaba kube semehlweni enu, ukuze ningoni.”


kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.


ukuba abantu bonke bomhlaba bazi ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu; akakho omunye.


ukuba bakwesabe zonke izinsuku zokuhlala kwabo ezweni owalinika obaba.


Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?


UJehova wambulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite