Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Nguwe oyakuyala abaphristi abathwele umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile osebeni lomfula iJordani, niyokuma ninganyakazi.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uyala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa nifika onqenqemeni lwamanzi aseJordani, nime eJordani.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:8
20 Referans Kwoze  

Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.


Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele.


Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.


Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.


Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


UHezekiya inkosi nezikhulu bawayala amaLevi ukumdumisa uJehova ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala komnikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova, namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.


Babutha abafowabo, bazingcwelisa, bangena njengesiyalezo senkosi ngamazwi kaJehova ukuba bayihlambulule indlu kaJehova.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”


UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe.


UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.”


U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.


Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite