Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngizaqala ukukukhulisa phambi kwamehlo kaIsrayeli wonke, ukuze bazi ukuthi njengalokho nganginaye uMozisi, ngokunjalo ngizakuba lawe.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:7
13 Referans Kwoze  

Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe.


Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.


Njengalokho samlalela kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho, makabe kuwe njengalokho wayenoMose.


Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,


USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu.


UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,


njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa.


UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.


Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ”


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite