Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:16
31 Referans Kwoze  

Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”


Inkosi yazibumba ethafeni laseJordani emhlabathini webumba phakathi kweSukoti neSaretani.


uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,


Bonke laba bahlangana esiGodini saseSidimi esiluLwandle Lukasawoti.


Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva.


Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ehlane e-Araba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDi Zahabi,


uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwa-Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga,


Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi, kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.


Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.


Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo; bawela umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu,


ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.


Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.


Unani wena lulwandle ukuba ubaleke, nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,


Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.


Wayesethi kimi: “Lawa manzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele e-Araba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.


Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.


UJehova uyathukuthelela imifula na? Ulaka lwakho luvuthela imifula, nentukuthelo yakho ulwandle, lokhu ukhwele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?


Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi anqwabeleka; izifufula zema njengenqwaba, amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.


anobazisa abantwana benu, nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomileyo,’


Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


ne-Araba kuze kufike elwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga endleleni eya eBeti Jeshimoti nangaseningizimu ngaphansi kwemithambeka yasePisiga;


wehla eJanowa, waya e-Atharoti naseNahara, wafika eJeriko, waphumela eJordani.


Abetha amacilongo angamakhulu amathathu, uJehova wabhekisa inkemba yalowo nalowo ngakumngane wakhe nakulo ikamu lonke; ikamu labaleka kwaze kwaba seBeti Shitha ngaseSerera, laze lafika emkhawulweni we-Abela Mehola ngaseThabati.


Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite