Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi abathwali bomphongolo befika eJordani, izinyawo zabapristi abathwele umphongolo zicwile onqenqemeni lwamanzi, ngokuba iJordani ligudla usebe lwalo lonke isikhathi sokuvuna;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:15
12 Referans Kwoze  

Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


“Uma ugijimile nemigundatshani, yakukhathaza, ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela, uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?


Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.


Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”


Unyawo luyakuwunyathela phansi, izinyawo zabaswelayo, izinyathelo zabampofu.


U-Eliya wathi kuye: “Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani.” Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Bahamba-ke bobabili.


Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.


Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite