Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Kuyothi lapho amathe ezinyawo zabaphristi abathwele umphongolo kaSimakade, iNkosi yomhlaba wonke, ethinta amanzi eJordani, amanzi eJordani ageleza evela enhla ayokuma, ayokuma abe yintaba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, ephumula emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqanyulwe. Emanzini ehla evela phezulu; bayakuma phezu kwenqwaba.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 3:13
13 Referans Kwoze  

Ngokufutha kwamakhala akho amanzi anqwabeleka; izifufula zema njengenqwaba, amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.


Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.


Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, inqaba yamanzi amaningi.


Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.


Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.


anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.


Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho, uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Yayisithi: “Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite