Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lapho bekhala kuJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibithe, waluhambisa ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu abona engakwenzayo eGibithe; nahlala ehlane izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lapho bembiza uJehova, wabeka ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe, waletha ulwandle phezu kwabo, wabasibekela; amehlo enu akubona engakwenzayo eGibithe, nahlala isikhathi eside ehlane.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:7
14 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.


UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.


U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe:


Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.


Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na?


“Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili, kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu,* njengalokho uJehova afunga kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite