Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJoshuwa wathi kubantu bonke: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Oyihlo bahlala endulo ngaphesheya koMfula,* uThera uyise ka-Abrahama noyise kaNahori, bakhonza abanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Emandulo okhokho benu, uThera namadodana akhe u-Abhrahama noNahori, babehlala ngaphesheya komfula, bekhonza abanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJoshuwa wayesethi kubo bonke abantu: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ezinsukwini zasendulo oyihlo babehlala ngaphesheya koMfula, uThera, uyise ka-Abrahama, noyise kaNahori; bakhonza abanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:2
16 Referans Kwoze  

Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?”


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema, ithi: Ukudabuka kwakho nokuzalwa kwakho kungokwezwe laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, nonyoko wayengumHetikazi.


Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa.


Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi;


Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi.


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu wawoyise, makahlulele phakathi kwethu.” UJakobe wafunga ukwesaba kukayise u-Isaka.


Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe.” Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.


ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.


UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.


kaJakobe ka-Isaka ka-Abrahama kaThara kaNahori


UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.


Lezi ziyizizukulwane zikaThera. UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.


USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori.


no-Abrama ongu-Abrahama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite