Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 24:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngathumela iminyovu phambi kwenu, eyaxosha phambi kwenu amakhosi amabili ama-Amori, kwakungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngathuma iminyovu phambi kwenu, eyawaxosha phambi kwenu, amakhosi amabili ama-Amori; kodwa kungabi ngenkemba yakho noma ngomnsalo wakho.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 24:12
13 Referans Kwoze  

Futhi uJehova uNkulunkulu wakho uyakuthuma iminyovu phakathi kwazo, kuze kuthi bona abaseleyo abazithukusayo baphele phambi kwakho.


Ngiyakuthuma iminyovu phambi kwakho eyakuxosha amaHivi, namaKhanani, namaHeti phambi kwakho.


“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.


Kanjalo u-Israyeli wahlala ezweni lama-Amori.


UMose wathuma ukuhlola iJazeri, bathatha imizi yalo, baxosha ama-Amori ayelapho.


ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,


UJehova uyakwenza kuzo njengokwenza kwakhe kuSihoni naku-Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.


Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo.


Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo, nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.


uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite