Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Ngokuba uJehova uxoshile ngaphambi kwenu izizwe ezinkulu ezinamandla, kepha nina, akukho muntu omile phambi kwenu kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngokuba uSimakade uzixoshile phambi kwenu izizwe ezinkulu nezinamandla; nina-ke akukho muntu okwazile ukumelana nani kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba uJehova waxosha izizwe ezinkulu nezinamandla phambi kwenu, kepha nina akukho muntu okwazile ukuma phambi kwenu kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:9
14 Referans Kwoze  

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.


UJehova uNkulunkulu wenu uyakuzixosha ngaphambi kwenu, azidungule ebusweni benu, nilidle izwe lazo, njengalokho ebekhuluma uJehova uNkulunkulu wenu kini.


Ngiyakubaxosha phambi kwakho kancane kancane, ukuze wande, udle ifa lezwe.


UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.


Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho, uze uzichithe.


obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide


Ngokuba ingelosi yami izakuhamba phambi kwakho, ikuyise kuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaKhanani, namaHivi, namaJebusi. Ngiyakubachitha.


kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.


UJehova waxosha phambi kwethu bonke abantu, nama-Amori futhi ayehlala ezweni; ngalokho nathi siyakumkhonza uJehova, ngokuba unguNkulunkulu wethu.”


Wenza isinengiso esikhulu ngokulandela izithombe njengakho konke ukwenza kwama-Amori axoshwa nguJehova ngaphambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Awuxoshanga yini, Nkulunkulu wethu, abakhileyo kuleli zwe phambi kwabantu bakho u-Israyeli, wanika lona inzalo ka-Abrahama umngane wakho kuze kube phakade, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite