Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 ukuba ningangeni kulezo zizwe ezisele phakathi kwenu, ningabizi amagama awonkulunkulu bazo, ningabafungi, ningabakhonzi, ningabakhothameli,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 ukuze ningahlangani nalezi zizwe ezisele phakathi kwenu, noma nibize amagama onkulunkulu bazo, nifunge ngabo, nibakhonze, noma nibakhothamele,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 ukuze lingangeni phakathi kwalezi zizwe eziseleyo phakathi kwenu; futhi ungaliphathi igama labonkulunkulu babo, ufunge ngabo, ungabakhonzi, ungabakhothameli.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:7
23 Referans Kwoze  

“Qaphelani konke lokho engikushilo kini, ningaphathi igama labanye onkulunkulu; lingezwakali liphuma emlonyeni wakho.


“Ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabafungisa, kepha baphinga, babuthana endlini yezifebe.


Ziningi izinhlupheko zabazizuzela omunye unkulunkulu; angiyikunikela ngeminikelo yabo yegazi; angiyikuwaphatha amagama abo ngezindebe zami.


Abayikuhlala ezweni lakini, funa bakwenze ukuba wone kimi, ngokuba uma ubakhonza onkulunkulu babo, kuyakuba lugibe kuwe.”


ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu, nabakhuleka kuJehova bemfunga, befunga futhi uMilkomu,


Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.


“Ngokuba uma nibuyela emuva, ninamathele ensalini yalezo zizwe, zona lezi ezisele phakathi kwenu, niganiselane nazo, ningene kuzo, nazo kini,


Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.


neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


kepha ninamathele kuJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho nenzile kuze kube namuhla.


Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.


“ ‘Kepha uma ningaxoshi abantu bezwe phambi kwenu, labo enibashiyayo bayakuba njengezinkandi emehlweni enu nanjengameva ezinhlangothini zenu, banikhathaze ezweni enihlala kulo.


Aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezayo


Kule nto uJehova makayithethelele inceku yakho: ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni ukukhuleka khona, isencika esandleni sami, ngiguqe nami endlini kaRimoni, lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.”


bakhonza izithombe uJehova ashilo ngazo kubo ukuthi: “Aniyikwenza le nto.”


“Kepha uma nibuya, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engikubeke phambi kwakho, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite