Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uma neqa isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu akuyala ngaso, niye nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele, intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uma nephulile isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngaso, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele; intukuthelo kaJehova iyakunivuthela, nibhubhe masinyane ezweni elihle aninike lona.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:16
16 Referans Kwoze  

Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.


Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula,* lokhu benzile o-Ashera* babo, bathukuthelisa uJehova.


Kwaba njalo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo owabakhuphula ezweni laseGibithe esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe, besaba abanye onkulunkulu,


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


Kuyakuthi njengalokho bengithi ngiyakwenza kubo, ngenze njalo nakini.’ ”


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.


wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho,


“Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.


Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,


Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”


“Kodwa uma nibuya ekungilandeleni, nina noma abantwana benu, ningagcini imiyalo yami nezimiso zami engikubeke phambi kwenu, kepha nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite