Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 23:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Umuntu oyedwa phakathi kwenu uyakuxosha inkulungwane; ngoba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo njengokuthembisa kwakhe kini.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 23:10
27 Referans Kwoze  

Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.


Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.’


UJehova uzakunilwela, nothula nina.


Phikisana, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabo abalwa nami.


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


nibonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilweleyo.


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.


Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.


Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.


‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,


“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.


Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.


Qaphelisisani ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu.


Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.


Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela* phezu kwegquma.”


Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.


Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite