Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase babuya basuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo elisezweni laseKhanani ukuya ezweni lakwaGileyadi ezweni eliyifa labo adliwa njengefa njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 22:9
19 Referans Kwoze  

UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;


Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo,


Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.


Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,


neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,


sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, liyi-altare elikhulu ukubonakala kwalo.


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe.


wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.


Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.


UMose wayesethi kubo: “Uma nenza lokhu, uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi,


izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.’


UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite