Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 22:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Manje uSimakade uNkulunkulu wenu usebanike ukuthula abafowenu njengoba ayebathembisile; ngakho-ke buyelani emuva emathendeni enu ezweni eliyisabelo senu, izwe uMose inceku kaSimakade aninika lona ngaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengokusho kwakhe kubo; ngalokho buyelani manje, niye ematendeni enu nasezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 22:4
16 Referans Kwoze  

Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:


Asiyikubuyela ezindlini zethu, abantwana bakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo.


uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.’


UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo.


sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.


ngokuba anikafiki ekuphumuleni nasefeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.


Ngokuba uma uJoshuwa wayebaphumuzile, wayengayikukhuluma emva kwalokhu ngolunye usuku.


Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”


anishiyanga abafowenu lezi zinsuku eziningi kuze kube namuhla, kepha nigcinile imfanelo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu.


UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


“UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite