Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 22:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, liyi-altare elikhulu ukubonakala kwalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kwathi lapho befika emngceleni eJordani, eKhanani, abozalo lukaRubeni, abolukaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase bakha i-althare elikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Sebefike emikhawulweni yaseJordani esezweni laseKhanani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, i-altare elikhulu ukuba libukeke.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 22:10
10 Referans Kwoze  

UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;


Abantwana bakwa-Israyeli bezwa kuthiwa: “Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i-altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.”


Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite