Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 21:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

44 USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekuthembisile koyise ngesifungo; akwabakho muntu kuzo zonke izitha zabo owama phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 21:44
19 Referans Kwoze  

Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;


Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”


“Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova, ethi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike leli zwe.’


Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”


“Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,


Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,


Njengezinkomo ezehlela esigodini uMoya kaJehova wabaphumuza. Wahola kanjalo abantu bakho ukuba uzenzele igama elimangalisayo.


Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.


Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.


Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite