Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 21:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 USimakade wamnika kanjalo u-Israyeli lonke izwe ayefunge kokhokho bakhe ukuthi uzobanika lona; sebelidlile laba yisabelo sabo, bahlala kulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 UJehova wamnika u-Israyeli lonke izwe ayefunge ukulinika oyise; balidla, bahlala kulo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 21:43
26 Referans Kwoze  

ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade.


akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.”


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


“Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”


nidle ifa lezwe, nihlale kulo, ngokuba ngininikile izwe ukuba nilidle.


Leyo mizi yonke yayinamadlelo ayo nxazonke zayo; kwakunjalo kuyo yonke leyo mizi.


wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho, wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.


Abantwana bangena-ke, balidla izwe, wahlula phambi kwabo abakhe ezweni, amaKhanani, wabanikela ezandleni zabo, kanye namakhosi abo, nabantu bezwe, ukuba benze kubo njengokuthanda kwabo.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo –


“Nxa uJehova uNkulunkulu wakho eyakuzinquma izizwe ngaphambi kwakho, lapho ungena khona ukuzidla, nanxa usuzidlile wahlala ezweni lakubo,


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.


“Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.


Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ibe ngeyegama lakho, bethi:


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade, izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,


bangena balidla, kepha kabalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho, abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele konke lokhu okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite