Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 20:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Leyo yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abalekele khona, angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze eme phambi kwenhlangano.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Lena kwakuyimizi eyehlukaniselwa bonke abantu bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngephutha abalekele khona, angabulawa ngumphindiseli wegazi, aze ame phambi kwebandla kuthethwe icala lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lena yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nomfokazi ogogobele phakathi kwabo, ukuze noma ubani obulala umuntu engazi abalekele khona futhi angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze ame phambi kwenhlangano.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 20:9
5 Referans Kwoze  

Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”


“ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.


Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.


Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite