Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Kodwa ngaleso sikhathi wayesezikhuphulele phezulu ophahleni lwendlu yakhe, wazifihla phansi kwenyanda yekhwani ayeyibeke lapho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha yawayisa ophahleni lwendlu, yawathukusa phezu kwezinhlanga zefilakisi ayezihlelile ophahleni.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:6
17 Referans Kwoze  

Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?


Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;


Owesifazane wathatha isimbozo, wasendlala phezu komlomo womthombo, weneka umqhazulo kuso, kungaziwa lutho.


ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe,


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.


Inkosi yami ayitshelwanga yini lokho engakwenzayo lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, ukuthi ngafihla abantu abayikhulu kubaprofethi bakaJehova ngamashumi ayisihlanu emhumeni, ngabondla ngesinkwa nangamanzi, na?


ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni;


“Nxa wakha indlu entsha, uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.


Wakhulelwa lowo mfazi, wazala indodana; esebonile ukuthi inhle, wayithukusa izinyanga ezintathu.


kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.”


Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.


Kepha uRahabi isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke anabo, uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla, lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite