Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bathi kuJoshuwa: “Impela uJehova unikele lonke izwe esandleni sethu; ngokuba bonke abakhileyo ezweni bayabhubha ngenxa yethu.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:24
16 Referans Kwoze  

“Ngiyakumisa imikhawulo yakho, kusukela eLwandle Olubomvu kuze kufike elwandle lamaFilisti, kusukela ehlane kuze kube semfuleni, ngokuba ngiyakunikela esandleni sakho abakhe kulelo zwe, wena ubaxoshe phambi kwakho.


Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba siyahlumelela inkosi yaso.


Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.


Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.


Ayesebuya lawo madoda omabili, ehla entabeni, awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo.


Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungabi naluvalo; suka nabo bonke abantu bempi, ukhuphuke uye e-Ayi; bheka, nginikele esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;


UJehova wathi: “Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.”


Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite