Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Ngokuba sizwile ukuthi uSimakade wawomisa kanjani amanzi oLwandle Lomhlanga phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe, nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni no-Ogi enababhubhisa bashabalala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba sezwa ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle lwaseGalile phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe; nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi enawaqalekisayo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 2:10
13 Referans Kwoze  

Kepha uSihoni inkosi yaseHeshiboni akasivumelanga ukuba sidlule kuye, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wenza lukhuni umoya wakhe, wenza ukuba ibe nenkani inhliziyo yakhe, ukuze amnikele esandleni sakho njenganamuhla.


UNkulunkulu wabakhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo.


ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”


UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, zisuka eKadeshi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele


“UNkulunkulu wamkhipha eGibithe; unjengezimpondo zenyathi kubo; uyakuqeda izizwe, izitha zakhe, aphule amathambo azo, azigwaze ngemicibisholo yakhe.


Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.


Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.


nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti.


Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite