Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 19:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Indawo yabo kwakuyiJizreyeli, iKhesulothi, iShunemi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Umkhawulo wabo wawuseJizreyeli, neKesuloti, neShunemi;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 19:18
17 Referans Kwoze  

AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke u-Israyeli, wamisa eGilibowa.


Kwathi ngelinye ilanga u-Elisha wadlulela eShunemi lapho kwakukhona owesifazane ocebileyo, wamcindezela ukuba adle isinkwa. Kwakuthi njalo nxa edlula, waphambukela khona ukuba adle.


UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.


kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli, inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: “Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.”


Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.


Wathi kuGehazi inceku yakhe: “Mbize lo mShunemikazi,” wema phambi kwakhe.


Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.


Wathi-ke: “U-Abishagi waseShunemi makanikwe ku-Adoniya umfowenu, abe ngumkakhe.”


Wayesethi: “Ake ukhulume kuSolomoni inkosi, ngokuba akayikukufulathela wena, ukuba anginike u-Abishagi waseShunemi abe ngumkami.”


Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.


Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo.


neHafarayimi, neShiyoni, ne-Anaharati,


neJizreyeli, neJokideyamu, neZanowa,


Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”


wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite