Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: “Sukani nihambe ezweni, nililobe, nibuyele kimi, nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Amadoda eyesengena indlela; uJoshuwa wabayala labo ababezoloba bachaze ngezwe, wathi: “Hambani kulo lonke izwe nilobe nichaze ngomumo wezwe, bese nibuya nize kimi; ngizonenzela unkatho phambi kukaSimakade eShilo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Amadoda asuka ahamba; uJoshuwa wabayala ababeyobhala izwe, wathi: “Dabulani izwe, nililobe, nibuyele kimi, ukuze nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova eShilo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:8
13 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.


UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.


Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka.


Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwa-Edomi nasehlane laseSini ngaseningizimu, ngasekupheleni kweningizimu.


Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”


Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”


Ayesehamba amadoda, adabula izwe, aliloba ngemizi, kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu* laseShilo.


Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite