Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Khethani amadoda ngamathathu kuleso naleso sizwana. Ngizowathuma aphume ahambe kulona lonke izwe, alobe ngalo alichaze asho ukuthi lifa lini elingabelwa leso naleso sizwana, bese ebuyela kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Zinikeni amadoda amathathu esizweni ngasinye, ngiwathume, asuke, adabule izwe, alibhale njengefa lawo; futhi bayobuyela Kimi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:4
9 Referans Kwoze  

Ayesehamba amadoda, adabula izwe, aliloba ngemizi, kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu* laseShilo.


Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.


UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?


“Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe,


Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda ibenye ngesizwe.


“Thuma wena abantu ukuba bahlole izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli; uthume umuntu waleso naleso sizwe sawoyise, kube yilowo nalowo abe yinduna phakathi kwabo.”


Kanye nani kuzakuba khona indoda ibe nye kuleso naleso sizwe, yileyo naleyo ibe yinhloko yendlu kayise.


Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.


Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite