Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 18:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Imizi yesizwana sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yaso kwakuyiJerikho, iBhethi Hogila, i-Emekhi Kezizi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, nesigodi saseKezizi;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 18:21
12 Referans Kwoze  

Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.


Wangena eJeriko, wadabula khona.


UJesu waphendula wathi: “Umuntu othile wehla eJerusalema eya eJeriko; watheleka phakathi kwezigcwelegcwele, zamhlubula izingubo, zamshaya, zamuka zimshiya umndondo nje.


umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.


umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;


IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.


neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,


Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo.


“Izizwe eziseleyo-ke: kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uBenjamini uyakuba nesabelo.


Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite