Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 17:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izabelo eziyishumi zawela kuManase ngasezweni lakwaGileyadi neBashani elingaphesheya kweJordani;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 17:5
9 Referans Kwoze  

Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”


neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,


Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.


ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.


Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:


“Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite