Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 17:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa lapho abantwana bakwa-Israyeli sebenamandla, bakhokhisa amaKhanani intela; kodwa kabaxotshanga ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 17:13
13 Referans Kwoze  

Kodwa abawaxoshanga amaKhanani ahlala eGezeri, kepha amaKhanani ahlala phakathi kuka-Efrayimi kuze kube namuhla, aba yizinceku zokusebenza.


Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.


kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi, nase-Ajaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa.


UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati, kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo.


UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni, nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.


Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.


Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo.


abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite