Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 17:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwakukhona abaningi abesizwe sakwaManase; ngoba wayelizibulo likaJosefa; okungukuthi, uMagiri, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi; ngokuba wayeyindoda yempi, ngalokho waba nelakwaGileyadi neBashani.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 17:1
20 Referans Kwoze  

Amadodana kaManase: kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi; kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.


UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”


UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.


KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.


Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”


OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.


Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.


kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.


UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.


Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.


Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.


Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.


Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:


“Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.


Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi,* wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”


wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite