Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 15:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umkhawulo wenyuka waya esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kwamaJebusi ngaseningizimu; leli yiJerusalema, umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba ephambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga, esisekupheleni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 15:8
17 Referans Kwoze  

umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;


AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Wayesebuya uJeremiya eThofeti lapho uNkulunkulu ayemthume khona ukuba aprofethe; wema agcekeni lendlu kaJehova, wathi kubantu bonke:


ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,


Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.


AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.


Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.


UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.


naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite