Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 15:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Umngcele ngasentshonalanga kwakuwuLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lona-ke ngumngcele owawuzungeze abozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umkhawulo osentshonalanga wawubheke oLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lona umkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngezizukulwane zabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 15:12
7 Referans Kwoze  

“Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba luLwandle Olukhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.


I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yalo; iGaza nemizi yalo nemizana yalo, kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.


Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.


“Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite