Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UMose wafunga ngalolo lusuku, wathi: ‘Impela izwe lapho unyawo lwakho lunyathele khona liyokuba yifa lakho nabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu wami.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: “Impela izwe olunyathelwe yizinyawo zakho liyakuba yifa lakho nelababantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:9
8 Referans Kwoze  

Zonke izindawo ayakunyathela kuzo amathe onyawo lwenu ngininikile zona, njengalokho ngakhuluma kuMose.


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebroni; o-Ahimani, noSheshayi, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki, babelapho. IHebroni lakhiwa iminyaka eyisikhombisa lingakakhiwa iSowani laseGibithe.


Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.


“Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.


Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite