Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami bancibilikisa izinhliziyo zabantu, kepha mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:8
8 Referans Kwoze  

kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.’


Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.


Kepha amadoda ayenyuke naye athi: “Asinakwenyuka, sihlasele labo bantu, ngokuba banamandla kunathi.”


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’


Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite