Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abantwana bakoJuda basebesiza kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune umKhenazi wathi kuye: Wena uyakwazi okwakhulunywa nguJehova kuMozisi umuntu kaNkulunkulu ngami lawe eKadeshi Barineya.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:6
30 Referans Kwoze  

abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.


Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.


Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo.


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,


U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.


ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’


Baya bafika kuMose naku-Aroni nakuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ehlane lasePharanu eKadeshi, babuyisela izwi kubo nakuyo yonke inhlangano, bababonisa izithelo zezwe.


Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.


Kepha wena muntu kaNkulunkulu, balekela lezo zinto; jonga ukulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene.


U-Elisha wayesemgqolozela, UHazayeli waze waba namahloni. Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.


Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: “Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.”


Kwavela umuntu waseBali Shalisha, walethela lo muntu kaNkulunkulu ukudla kolibo, izinkwa zebhali* ezingamashumi amabili nezikhwebu ezintsha zamabele enqalathini yakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Wathi: “Ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana.” Wathi: “Hhayi, nkosi, wena muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekukazini yakho.”


Wathi endodeni yakhe: “Bheka, manje sengiyazi ukuthi ungumuntu ongcwele kaNkulunkulu, odlula kithi njalonjalo.


Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu, wamfumana ehlezi phansi kwe-oki;* wathi kuye: “Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na?” Wathi: “Nginguye.”


Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho.


UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.


Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.


Akuvelanga ngasemuva kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso


Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”


Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.


Kepha uMose, lowo muntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite