Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 14:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni, ekuphumeni nasekungeneni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngisenamandla nanamuhla nanjengamhla uMose engithuma, namanje amandla ami asafana nawangaleso sikhathi, ngisengaphuma ngiyokulwa, ngiphinde ngibuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengalokho ayenjalo amandla ami ngaleso sikhathi, anjalo amandla ami manje okulwa, nokuphuma nokungena.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 14:11
7 Referans Kwoze  

UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.


osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.


wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


“Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.


Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite