Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngalokho-ke lehlukanise leli lizwe libe yifa lezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwana sakwaManase.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bese uhlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nengxenye yesizwe sakwaManase,

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:7
12 Referans Kwoze  

Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.


bonke abakhileyo ezintabeni, kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni; mina ngiyakuwaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa-Israyeli ngenkatho, libe yifa njengokukuyala kwami.


Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Wabapha amazwe abezizwe, badla isithelo somsebenzi wabantu


“ ‘Kuyakuthi ekwahlukanisweni kwezwe ngenkatho libe ngamafa, ninikele kuJehova ngomnikelo, okungcwele kwezwe, ubude bube ngubude bezinhlanga eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi, kube ngcwele emikhawulweni yonke nxazonke.


UMose wayala abantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,


ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite