Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 nelakwaGileyadi, nomkhawulo wamaGeshuri, namaMahagati, nayo yonke intaba yaseHermoni, neBashani yonke, kwaze kwaba seSaleka;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:11
13 Referans Kwoze  

OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.


UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo;


yonke imizi yasethafeni, nalo lonke elakwaGileyadi, nalo lonke iBashani kuze kube seSaleka nase-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBashani.


nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.


“Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri,


nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori owabusa eHeshiboni, kuze kube semkhawulweni wabantwana bakwa-Amoni,


Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,


UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,


Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka:


NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite